Owesifazane wakuleli uphule irekhodi enqoba I-Comrades Marathon ihlandla lesithathu
Andile Tsotetsi
UGerda Steyn (34), unqobe iComrades Marathon 2024 kwisicoco sabesifazane, ephula irekhodi eqeda emuva kwamahora angu-5:49:46, emjahweni obusuka eCity Hall, eThekwini, waze wayophelela eScottville Racecourse, eMgungundlovu, ngesonto.
USteyn wephule irekhodi njengoba ngonyaka odlule waqeda wona lomjaho emuva kwamahora angu-5:58:53. Ngonyaka ka-2019, wawunqoba lomjaho Kanti kulindeleke ukuthi ayomela I-Ningizimu Afrika kuma Olympics azobe ese Paris ngo mhlaka 26 July Kuya kumhlaka 11 August.
Endaweni yesibili kulale u-Alexandra Morozova ongowokudabuka ezweni lase-Russia owanqoba ngonyaka ka-2022, ogijime amahora angu-6:5:12, Kanti u-Courtney Olsen wase-USA yena ulale isithathu ngamahora angu-6:8:00.
USteyn ekunqobeni kwakhe kumenze wahlabana no-R850 000, kanye no-R500 000 wokuphula irekhodi.
I-comrades marathon yalo nyaka, obekungeyesi 97, yamukele abasubathi abangaphezu kuka-20 000.
USteyn ukholelwa ukuthi ukunqoba kwakhe kuma-marathon amathathu, kungamvulela indlela yokubhekana nomjaho ka-42.2 km kuma-Olympic Games ngo-August.
“Nasemidlalweni yama-Olympics kunzima kakhulu, ngibona sengathi lokhu kuzovuna mina. Ngizogxila kakhulu ejubaneni lami nasekuzilolongeni nasekuqiniseni imilenze yami,” kusho yena.
USteyn wengeze ngokuthi ukuzuza lemijaho eminingi ngamuva, kuyinselele kuye ukukhomba ukuthi yimuphi unyaka ongcono kunawo wonke.
“Kimina ngokwami kulo nyaka ngike ngahlala phansi ngabhala phansi izinhloso zami. Kodwa njengomsubathi ziningi izinto ezingaba nomthelela kulokho, izinto eziningi okufanele zihambe ngokohlelo,” kwengeza u-steyn.
Kumjaho wabesilisa kunqobe u-Piet Wiersma (26), wase Netherlands, emahoreni angu 5:24:59. UWiersma owaziwa ngelika “Unknown Dutchman”, wazuza izinhliziyo zabaningi baseNingizimu Afrika ngonyaka odlule lapho aqeda khona endaweni yesibili, esalela ngemizuzwana emithathu kumnqobi uTete Dijana.
UDan Moselakwe wakuleli ulale isibili ngamahora angu 5:25:41, kwathi u-Degefa Lafebo odabuka kwelase Euthopia yena ulale isithathu emuva kokugijima amahora angu 5:27:45.
